Durban - UPearl Thusi ube ngomunye
walabo abebemenywe kwisidlo sakusihlwa lapho bekuhlangene khona abalingisi bohlelo
iQuantico.
Umlingisikazi ophambili kulolu
hlelo uPriyanka Chopra uyena obehlele leli dili likamkhipheni kanti ubebhala
nasezinkundleni zokuxhumana ukuthi uhlanganyele nozakwabo abazolingisa
kwisizini yesibili yalolu hlelo.
OLUNYE UDABA:Ushiye angalazi uPearl Thusi kwabagxeke umswenko wakhe
Umphathi wale ntokazi yakwaThusi
uSarit Tomlinson utshele abe-TMG Entertainment ukuthi: “UPearl ubehlanganyele
nabo emasontweni ambalwa adlule ngesikhathi ehambele eNew York.
UTomlinson ubuye wathi uThusi ube nezingxoxo nophrojusa walolu hlelo kodwa asikho isinqumo esenziwe okwamanje, kubika iSunday World.