UPhahlane uzobamba isithangami sabezindaba ngolokugqekezwa kwehhovisi

2017-03-22 07:45

Pretoria – Lowo oyibamba likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uLieutenant General Khomotso Phahlane kulindeleke ukuba abambe isithangami sabezindaba mayelana nokugetshengwa kwamahhovisi kamengameli wamajaji eMidrand.

UPhahlane ukhulume ngempelasonto wathi kunethimba elijutshiwe ukuba liphenye ngalesi sigameko esenzeke ezintatha ngoMgqibelo.

Kwebiwe amakhompyutha angu-15 aqukethe ulwazi oluyimfihlo ngawo wonke amajaji akuleli, izisebenzi zoMnyango wezobuLungiswa kanye nazo zonke izinkantolo.

OLUNYE UDABA: I-IPID igasele emzini kaKhomishana wamaPhoyisa obambile

UPhahlane uthe leli thimba eliholwa yiSekela likaKhomishana kwaCrime Detection esifundazweni iGauteng, uMajor General Mary Motsepe, liyalelwe ukuba liphenye kabanzi ngalesi sigameko.

Amaphoyisa athi lokhu kugqekezwa kwehhovisi likamengameli wamajaji likubuka njengokuhlasela ezobulungiswa kanti futhi lesi sigameko asithathela phezulu kakhulu, esho.

“Siyasigxeka kakhulu lesi sehlakalo, sesijube ithimba labaseshi abazohola uphenyo. Leli thimba lisebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi abenzi bokubi bagcina bebanjiwe,” kusho uPhahlane ngaphambilini.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.