Uphekwa ngemibuzo umnikazi wesibhamu esibulale uthisha waseMpumalanga

2017-08-16 12:29

Johannesburg - Usobishini umnikazi wesibhamu esisebenziswe ukubulala uthisha wesikole samabanga aphansi, phambi kwabafundi ngoMsombuluko.

UKate Chiloane, 30, kusolakala ukuthi wadutshulwa ngumyeni wakhe, naye okuthe ngokuhamba kwesikhathi wazibulalela emzini wabo.

Isigameko senzeke esikoleni iSedibasathutho Primary eduzane naseBushbuckridge.

Amaphoyisa aseMpumalanga ngoLwesibili abephenya ukuthi umyeni walo thisha usithole kanjani lesi sikhali.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa usesongela abafundi ngokufa uthisha waseNquthu

"Indoda, 36, okukholakala ukuthi yiyo engumnikazi wesibhamu esisetshenziswe nguVusi Mdluli, 40, ukudubula abulale unkosikazi wakhe ngaphambi kokuzibulala, ivelile eNkantolo yeMantshi yaseBushbuckridge ngoLwesibili," kusho isitatimende samaphoyisa.

Umnikazi wesibhamu uboshwe ngoMsombuluko ngecala lobudedengu bokuphatha isibhamu.

"Amaphoyisa asaphenya ukuthi lesi sibhamu sifike kanjani ezandleni zikaMdluli."

UMdluli usolwa ngokudubula abulale, uChiloane, 30, esikoleni abefundisa kuso uGrade 2.

Ngemuva kokumdubula, uMdluli wabaleka endaweni yesigameko waya emzini wabo lapho atholakala khona eshonile, enenxeba lokudutshulwa.

 - DispatchLIVE

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.