Uphendule izingane zakhe izigqila zocansi

2017-09-14 17:59

Durban - Kusabatshazwa isihluku nonya lowesilisa waseKing Dinuzulu eShowe, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal okuvele ukuthi udlwengule amadodakazi akhe amabili – esingeke siwadalule ukuwavikela.

Kuthiwa lona wesilisa ubesephendule izingane zakhe – eneminyaka engu-13 ayizalayo nenye eneminyaka engu-8 ubudala angayizali kodwa ezalwa yisinqandamathe sakhe.

Kwenzeka lokhu nje, kuthiwa umsolwa, naye eligodliwe igama lakhe, uke wagwetshwa phambilini ngalo icala lokudlwengula.

Umthombo weLANGA uthi kusolwa ukuthi lena ayizalayo uqale ukuyidlwengula ngonyaka ophelile emuva kokuba eyisole ngokuthi isiyajola.

Uthi kwesinye isikhathi ubeyiphoqa ukuba imphelezele ayokha umoba kanti uyoyigila lo mkhuba. Ngokuthola kwephephandaba ingane ize yabikela othisha esikoleni ngalokhu ngoba isihlukumezekile emoyweni.

Yibona abawuhlabe bawulawula zase ziyamkhalela umsolwa emuva kokuba nodokotela ekuqinisekisile ukuthi ingane idlwenguliwe.

Ngesikhathi le ngane iyiswa kudokotela iyohlolwa, kubhekwe nalena encane kwatholakala ukuthi nayo idlwenguliwe.

“Kuthiwa lo muntu uneside isikhathi eyidlwengula ingane yakhe. Ngokuzwa kwami, lo mkhuba uwuqale besahlala endaweni okuthiwa yiseNkanini khona eShowe, basuke lapho bayohlala eKing Dinuzulu lapho kuthiwa ubesaqhubeka nokuphendula izingane izigqila zocansi.

OLUNYE UDABA: Lihlelile elomculi owalahlwa elokudlwengula

“Lena endala uqale wayisola ngokuthi isinesoka. Uyibhambabule ngenduku ethi mayikhulume iqiniso, yize ingane ibikuphika lokho ngoba ingakwazi. Kuthiwa uyiqhubile ethi mayiyokhomba kubo kwesoka layo.

“Kusolwa ukuthi kungaleso sikhathi lapho eqale khona ukuyidlwengula ngoba kababange besaya lapho abethi mayiyokhomba khona, uyifake ndawana thize lapho efike wayidlwengulela khona,” kuqhuba umthombo.

Uthi umsolwa uboshwe okokuqala evele enayo le ngane eneminyaka engu-13 ubudala. Kuthe uma esejele unina wengane wathola omunye umuntu okuyilapho ethole khona le encane engazalwa nguyena umsolwa.

Kuthe uma esephuma ejele wabuyelana nonina wengane yakhe. Umthombo uthi kunesigameko lapho kuqubuke khona ingxabano phakathi kukamsolwa nonina wengane – ongeke adalulwe – eholele ekutheni axoshe unina wezingane – nokusolwa ukuthi yilapho eqale khona ukudlwengula lena encane eneminyaka engu-8 ubudala.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane, uthe akhona amacala okudlwengula avuliwe kwabe sekuboshwa umsolwa oneminyaka engu-39 ubudala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.