Uphika uma ngentaba osolwa ngokudayisa amathikithi omgunyathi kowomkhaya

2017-08-01 14:08

Johannesburg - Indoda esolwa ngokudayisela abalandeli bakanobhutshuzwayo amathikithi angumbombayi, okuholele ekutheni kube nesiminyaminya kwashona abantu ababili e-FNB Stuadium, bayaziphika izinsolo.

Umlandeli omkhulu weKaizer Chiefs, uNkosinathi Maduna, uthe izolo ushaqekile ngesikhathi ezwa ukuthi uyabandakanyeka esehlakalweni esenzeke ngempelasonto enkundleni yezemidlalo iFNB.

UMaduna, odume ngelikaParker ngoba ezifela ngomgadli waMakhosi, uBernard Parker, usolwa ngokudayisela abalandeli ababili amathikithi angombombayi ngemali engu-R200.

OLUNYE UDABA:Seziqinisekisiwe izinsuku, izikhathi nezinkundla okuzodlalelwa kuzo i-MTN8

Lokhu kulandela ukuphuma kwesitatimende ngeSonto, sisola uMaduna ngokudayisa amathikithi angekho emthethweni.

"Angikaze ngidayisele muntu amathikithi angomgunyathi. Kwamina ngangingenalo ithikithi ngoba ngangingathandi ukuyowubukela umdlalo enkundleni. Umngani wami owanginika ithikithi ngezithuba zabo-14:30, ngemuva kokushintsha umqondo ngokuyobukela umdlalo.

"Ngaya sengishesha. Engijwayele ukukwenza ukuthenga amathikithi amaningi ngithengela namanye amalungu eqembu angakwazi ukuthenga amathikithi mase ngithatha imali kubo," esho.

UMaduna, ongumthwebuli waseJoubert Park maphakathi neGoli, uthe akukho akufihlayo.

"Angisabi lutho ngoba angenzanga lutho olubi. Ngilinde amaphoyisa ukuthi afike kanti uma engibopha ngizohamba nawo ngoba ngiyazi ukuthi ngimsulwa."

UMaduna uthe: "Ngichitha imali engu-R1 500 empahleni engugqo yeChiefs aengiyithenga eNaturena. Ngilala ngeshidi elinemibala yaMakhosi, isikhindi nevesti ngokunjalo. Manje angazi ukuthi ngingabadayiselelani abantu amathikithi omgunyathi.

"La bantu bayangihlaza. Yebo, ngidiniwe. Angikho kahle njengoba kwalimala abantu thina sibe sibukele umdlalo."

- SowetanLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.