Uphinde wagcizelela ukuthi akayindawo uZuma

2017-09-08 09:32

Cape Town – UMengameli Jacob Zuma ngoLwesine uphinde wakubeka kwacaca ukuthi ngeke asule esikhundleni ngenxa ‘yabantu abanemilomo emanzi’, wathi ngisho angadliswa ushevu, akayindawo.

“Ngizoyaphi? Ngizohlala nani kuze kuphele ihlandla lami. Ngisho seliphelile ihlandla lami, ngizolokhu ngiyilungu le-ANC. Ngisho ngingadliswa, angiyindawo,” kusho uZuma ekhuluma nezakhamuzi ehholo laseLwandle ebeligcwele phama.

Uvele wahleka ngesikhathi echaza ngendlela amaqembu aphikisayo azama ukumgudluza ngayo ngeziphakamisozokungethenjwa kobuholi bakhe nangokuthi athathelwe izinyathelo.

Abantu bathi bayamcela ukuba akesule esikhundleni sakhe, kusho uZuma.

OLUNYE UDABA: Udado usolwa ngokunukubeza ngokocansi omunye enkulisa

“Akekho obeka into ebambekayo noma ebhedayo engayenza,” esho.

UZuma uthe namanje akaqondi kahle ukuthi iDemocratic Alliance yaphumelela kanjani ukuphatha isifundazwe iWestern Cape. “Kodwa ngeke wakwazi ukuchaza izindlela abasebenza ngayo ‘abathakathi’.”

UZuma uphinde wathi uzothuthela eWestern Cape uma sekuphela ihlandla lakhe.

“Uma sesiyithathile iWestern Cape, imfuyo yami yonke ngizoyilanda eNkandla ngiyilethe eKapa, sizodla nenyama,” usho kanje kwachwaza ihholo lonke.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.