Uphithene ikhanda uthisha owaxoshwa ngendlela engacacile

2017-11-25 10:49

eThekwini - Owesilisa owayesebenza njengothisha usakhala ngokuxoshwa kwakhe emsebenzini ngendlela engaqondakali.

UMnu Nicholas Majola, 52, obenguthisha esikoleni samabanga aphansi kwaNkabini Primary, e-Elandskop, uthe ubesesebenze iminyaka engu-20 kulesi sikole.

Uthi indaba yaqala lapho uthishanhloko wesikole emsayinisa incwadi yokumposela kwesinye isikole samabanga aphansi Inzinga Primary, eMpendle, okwagcina kungaphumelelanga.

OLUNYE UDABA: Usenkingeni uthisha obhaxabule abafundi

“Ngesikhathi sengiya kulesi sikole engadluliselwa kuso uthishanhloko waso wangitshela ukuthi akazi lutho ngokulethwa kwami lapha yena ufuna uthisha wakhe mina kangiphindele emuva esikoleni engangifundisa kuso.

"Sengibuyela kulesi sikole engangifundisa kuso uthishanhloko wangitshela ukuthi ngilinde ekhaya uzongithinta, kwadlula izinsukwana wangishayela ucingo ethi engiphuthume emsebenzini. Mangifika wanginikeza incwadi yokungixosha ngaphandle kokunginika isexwayiso,” kubeka uMajola.

Uthe ubesebhalisela ukubuyiselwa emsebenzini kuMnyango wezeMfundo nokwaphasiswa ngomhlaka-8 Juni 2015 kodwa wanganikezwa isikole azosebenza kuso.

“Impilo inzima kakhulu njengoba sengihlale iminyaka eyisikhombisa ekhaya ngingasebenzi. Ikati lilele eziko njengoba kusondele isikhathi sikaKhisimusi angazi ngizothathani ngihlanganise nani njengoba ngingenalutho.

"Into engiyifisayo ukubuyela emsebenzini noma ngikhokhelwe izimali zami,” kubeka yena.

UMnyango wezeMfundo awukwazanga ukuphawula ngalolu daba njengoba ucele ukunikezwa isikhathi, kubika i-Eyethu KZN.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.