Uphoxwe onogada usaziwayo obezama ukushutha uMinnie Dlamini

2017-07-16 11:06

Durban - Onogada abebengadle nkobe zamuntu, beqaphe isimo ngeso lokhozi baphoxe usaziwayo ongumsakazi weMetro FM, ophinde abe ngumculi nejaji kuma-Idols SA, u-Unathi Msengana, bamyalela ukuba angalokothi athathe izithombe emcimbini.

Lo saziwayo uziqhathe ngokuba aphakamise umakhalekhukhwini, ethi uzama ukuthwebula izithombe emcimbini womembeso womunye usaziwayo ongumethuli wezinhlelo kumabonakude, uMinenhle “Minnie” Dlamini, obembeswa ngabasemzini kwaJones ngesonto eledlule, eThekwini. Kwenzeke lesi sigameko eqeda ukufika nje emcimbini u-Unathi. Bamhebeze, bamshikizisa okwenkukhu lapho ethi uyathwebula,

baphuthuma kuye. Lo saziwayo (Unathi) utheleke emcimbini ehamba ngonyanyavu lwePorsche emhlophe, edlubhe ingubo ebingenazingalo ebukeka iyimvunulo yesiXhosa. Ngesikhathi

efika umcimbi ubusuqalile, wafike wapaka ngaphesheya komngwaqo wabe esehamba ngezinyawo

eyongena ngesango lakwaDlamini. Esangweni bekunonogada ababili - uthe engena nje umakhalalekhwini ubevele esewuphethe ngesandla wabe esewubhekisa phezulu eshutha kwazise indawo ebekuhleli kuyona izihambeli ibinyukela yena eqhamuka ngezansi.

Ngokushesha, unogada uphuthume kuyena emvimbela ukuba angashuthi. Bakhulume isikhashana kwabe sekusondela unogada wesibili naye obonakale engathi ubevimbela u-Unathi ukuba athwebule izithombe. Usuke lapho wenyukela phezulu lapho bekuhleli khona abanye abantu, wavula isikhwama sakhe

washutheka umakhalekhukhwini wakhe waqhubeka nokubuka umcimbi. ILANGA LangeSonto limthinta u-Unathi lifuna ukuzwa ngalesi sigameko ukhale wakhuza ibhadi, watshela intatheli ukuba iluyeke udaba ngoba aluthi shu. “Bhuti wami ngicela ungalubhali lolu daba. Ayikho into eyisimanga ngalo. UMinenhle usisi wami, ngiyamthanda inkinga bengingazi ukuthi akushuthwa emcimbini kodwa kanginankinga naleyo nto,” kusho yena.

OLUNYE UDABA: Lihoxile icala ebelibhekene nomlingisi

Uqhubeke wacela intatheli ukuba ingamumosheli izinto ngokubhala lolu daba, wathi yena akaxoxi ngempilo yomuntu yangasese. “Ayikho into ebitheni ngabaqaphi ngoba size sazinco-kolela nje nabo,” kuphetha le ntokazi

ekhale ngokuphuthuma, yabe isifisela intatheli usuku oluhle. Ngokuthola kwaleli phephandaba nosomabhizinisi wesifazane odumile, uBasetsana Kumalo, naye uyale-lwe ngonogada ukuba azicishe kumakhalekhukhwini wakhe izithombe abesezithwebulile kulo mcimbi.

Okhulumela inkampani ebibhekelele ezokuphepha kwaMinnie, iXab’s Proctection Unit, uMnu Themba Xaba uthe bona ababekwenza bekuwukulandela imithetho yeklayenti labo ebelibaqashile.

“Ngale kuka-Unathi, noBa-setsana simcishisile izithombe abezishutha ngoba umthetho ubungavumi. Ingci-ndezi yokubhekana nesimo esinjengalesiya sesiyijwayele kakhulu,” kuphetha yena. Kuzokhumbukela ukuthi kuke kwavela phambilini emitho-njeni yabezindaba ukuthi inkampani iMultiChoice eyengamele iMnet ithenge ngoR6 million ilungelo lokuqopha nokusakaza umshado kaMinnie, kanjalo nemicimbi ehambisana namalungiselelo omshado.

Kukholakala ukuthi yikho lokho okwenze ukuba ezokuphepha ziqiniswe kakhulu ukuze kungabi bikho abathatha izithombe bazisabalalise ngaphandle kwabanelungelo lokwenza lokho.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

How your dog can tell what you’re feeling

Researchers have found a specific area in a dog’s brain that recognises human faces – a finding that may help to explain why dogs are so sensitive to human social cues.

 

Paws

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day
Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.