Uphuke umlenze owesifazane ebalekela izigebengu

2017-08-30 12:32

Johannesburg - Izithandani ziphoqeleke ukuba zigxume kuvulanda ophezulu, esitezi sesibili emzini wazo oseHartbeespoort, zibalekela izigebengu ebezihlomile ngoLwesibili ntambama.

UPumi Shange, 26, noBlessing Hlophe, 30, baphoqeleke ukuba baphume ngovulanda ophezulu kuKarel Street, eSchoemansville, ngemuva kokungenelwa izigebengu ebezihlomile ngezithuba zabo-13:00.

Ngokusho kwamaphoyisa, izigebengu ziphule umnyango ukuze zizokwazi ukungena ngaphakathi endlini.

OLUNYE UDABA:Izithandani zishone zizitika ngocansi

La madoda, okusolwa ukuthi abehlomile, atheleke egunjini likaShange, waphoqeleka ukuba aphume kuvulanda ophezulu enzela ukuphepha. 

UShange uphuke umlenze ngesikhathi ewa.

UHlophe utshele amaphoyisa ukuthi uzwe umsindo wabe esenquma ukuthi agxume esuka esitezi sesibili.

UHlophe uthe bakwazile ukufika emgwaqeni nakuba uShange ebeselimele, bakwazi ukuthola usizo.

Amaphoyisa kanye nezakhamuzi eziqapha indawo zifike ngokushehsa endaweni yesigameko kodwa izigebegngu besezibalekile.

Kwebiwe umabonakude ne-laptop.

 - TimeLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.