Uphume eseyisidumbu ofike emsebenzini engumqemane

2017-02-05 09:00

Cape Town – Ivele yawa phansi yashona indoda ngesikhathi ikilina efemini eseWorcester eWestern Cape, kusho abosizo lokuqala.

Le ndoda, okukholakala ukuthi ineminyaka ebalelwa kwengu-40 ubudala ishone ngoMgqibelo ntambama, kusho okhulumela abe-ER24 uWerner Vermaak.

UVermaak uthe ngemuva kwezithuba zabo-15:00 abe-ER24, abezicishamlilo baseBreedevalley nabosizo lokuqala bakwaMetro bafike endaweni yesigameko bafica le ndoda isengaphakathi efemini.

OLUNYE UDABA: Usesimeni esibucayi oshumpuke ingalo efemini

UVermaak uthe abantu abebesendaweni yesigameko bathe le ndoda ibimatasa ikilina ngesikhathi ivele iwa.

Ozakwabo bale ndoda bazame ukuyihlenga ngokwenza i-CPR, abosizo lokuqala babe sebeyihlola ngesikhathi befika endaweni yesigameko.

Le ndoda ihlonzwe njengoshonile endaweni yesigameko. Yasuswa endaweni ebisebenzela kuyo.

Imbangela yokushona kwale ndoda izophenywa.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.