Uphume nyova umbhishobhi emlindelweni

2017-04-06 14:03

Durban - Kusuke isidididi basala bebambe onganzansi abantu kuxoshwa uMbishombi webandla iNkosinathi in Zion, emlindelweni obuse Nzinga eMpendle maphakathi neKwaZulu-Natal ngeledlule.

UMnu Tallman Zuma ongumbishobhi waleli bandla, aphinde abe nguSihlalo kuzwelonke weNkanyamba okuyinhlangano elwa nokwebiwa kwemfuyo, uthi usakude ukuyikhohlwa into eyenziwe ngabafowabo uZethembe Zuma emxosha emlindelweni womfowabo uMfihleni Zuma ngoba engene ehamba nebandla lakhe okuyiZayoni ekubeni umndeni wakubo usonta kwabasindisiwe kanye nasemaRomeni.

Uthi indaba isuswe ngukuthi umndeni wakhe uyazi ukuthi akahambisani nenkolo yabasindisiwe. Uthi ukuxoshwa kwakhe emlindelweni kuhlobene nalokho. 

UZuma uthi yize kunjalo, kodwa bebevele bengaboni ngasolinye nomndeni wakhe ikakhulukazi abafowabo kubangwa izinxushunxushu zomndeni.

OLUNYE UDABA: Wenqabe ukuyocasha ezihlotsheni owekhanda

Uqhube wathi akacabangi ukuthi yilokho obekungenza bamuxoshe ngaphandle kokungahambisani kwakhe nenkolo yabasindisiwe ngoba ijwayele ukubiza amadlozi ngamadimoni.

UZuma uthi akahambisani nenkolo yabantu abasindisiwe. "Sekunesikhathi eside singangenelani nabafowethu ngenxa yokuthi sike saxabana phambilini sibanga ukuthinteka kwabo ekwebiweni kwemfuyo.

"Kodwa lokhu okwenzekile ngisemlindelweni kakwehlanga kahle ngoba bengiyobakhalisa emlindelweni njengombishobhi futhi ngihamba nebandla lami yize bengazi ukuthi akhona namanye amabandla. Umfowethu obefihlwa ubekhonza emaRomeni, umndeni wakhe wonke usonta kwabasindisiwe.

"Ngelanga lo mlindelo, ngithe nje ngingena nabazalwane abakhonza ngaphansi kwebandla lami, amaRoma kanye nabalandela inkolo yabasindisiwe bavele basukuma bonke baphuma etendeni.

"Kungixakile lokhu ngoba bengize emlindelweni futhi ngikuqonda ukuthi akhona amanye amabandla abekhona. Ngiqhubekile ngangena sahlala phansi namalunga ebandla.

"Into eyenza ngisole ukuthi ngixoshwe ngoba ngiyisayoni, yingoba ngike ngafika emzini kamfowethu ngesikhathi kulungiselelwa umngcwabo nagesikhathi kufika isidumbu ngoLwesihlanu emini kodwa bangangixosha. Kungixakile uma sengixoshwa ngoba sekukhona abasindisiwe kanye namaRoma.

"Okunye okwenze ngidideke ukuthi phambilini umdeni ungihlawulise umbuze emuva kokuba ngingayanga kufihlwa unkosikazi kamfowethu (uMfihleni) ebesingangenelani naye sabuyisana. Kuyathusa uma sengixoshwa phambi kwabantu bebuka," kusho uMbhishobhi uZuma.

Eqhuba uMbhishobhi Zuma uthi into emenza angahambisani nabantu abasindisiwe ukuthi uma beshumayela babiza amadlozi ngamadimoni nokuyinto angahambisani nayo.

Umthombo weLANGA obukhona ngelanga okuxoshwe ngalo uMbhishobhi uthi into eyenze abantu abaningi baphume ngesikhathi efika uyaziwa ukuthi akabafuna abantu abasindisiwe. Uthi sekukaningi ezwakala ezindaweni ezahlukene uma kuhlangenwe egxeka le nkolo yokusindiswa.

"Abantu abaningi emndenini wakwaZuma balandela inkolo yabasindisiwe. Ngikhuluma nawe nje ngisho udadewabo azalwa naye ekhaya abazwani naye ngoba usonta kwabasindisiwe. Ngiyacabanga ukuthi nalokho kube nomthelela wokuthi baphume ngesikhathi kufika yena. Abanankinga nebandla lakhe," kusho lo mthombo odonse intatheli ngendlebe ukuthi ingawudaluli.

UZethembe Zuma uvumile ukuthi umxoshile uMbishobhi Zuma ngenxa yokuthi kunokungaboni ngasolinye emndenini.

"Kuyiqiniso ukuthi ngimxoshile uMbhishibhi kodwa lokho ngikwenze njengelunga lomndeni kungahlangene nenkolo. Amabandla abesemlindelweni aphume ngoba vele nawo awazwani naye ngenxa yezinto abazibangayo eziphathelene nenkolo.

"Into eyenza singazwani naye uMbhishobhi Zuma ukuthi ungumuntu ongumxabanisi, ngikhuluma nawe nje kunoqhekeko emndenini ngenxa yakhe. Useke wanginuka nomfowethu lona ebesimufihla ngokweba izinkomo phambili kodwa wehluleka ukuveza ubufakazi balokho.

"Okunye ongakwazi ngaye ukuthi ngisho izingane zakhe azikhuli ngaphansi kwesandla sakhe ngoba ziyambalekela ngenxa yendlela aziphatha ngayo. Ngisho amalunga omphakathi ayasithinta ayabonga ngokumxosha kwethu ngelanga lomlindelo ngoba kwawona awumufuni umphakathi ngoba uyahlukumezana," kusho uMnu Zuma.

Ukuphikile ukuthi uMbhishobhi uhlawuliswe imbuzi ngoba engafikanga emngcwabeni wenkosikazi kamfowabo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.