Uphume phambili enkantolo obelwela amalungelo ezitabane

2018-02-05 16:01

eThekwini - Isifinyelele esiphethweni inkinga ebisidonse isikhathi eside phakathi kukahulumeni waseBotswana kanye nesishoshovu esilwela amalungelo eLesbian Gay Biosexual &Transgender Community.

Leli cala elaqala ngonyaka ka-2011 ebeliphakathi kukahulumeni waseBotswana kanye noRicki Kgositau, 30, ozinze eKapa, selize lagoqwa ngemuva kokuthi inkantoloo ivune uKgositau.

UKgositau, ongowokuzalwa eGaborene eBotswana, unguMqondisi wenhlangano i-AIDS Accountability International, ulwe impi ende nohulumeni egqigqa ezinkantolo elwela ukuthi ashintshe umazisi wakhe ngokusemthethweni njengoba esazishintsha ubulili.

UKgositau ube ngowukuqala e-Afrika ukuphumela obala ngokushintsha ubulili (transgender) aphinde ashade njengoba yena nesoka lakhe basanda kushada. 

“Uhulumeni waseBotswana ubunqaba ukuthi ngishintshe umazisi, ukhombe ukuthi ngiwumuntu wesifazane.

OLUNYE UDABA:Ubulili bulawulwa yisitho sangasese - Umbono

"Yonke le minyaka bengiwa ngivuka ngilwela le nkinga ebengibhekene nayo, kodwa ekugcineni kuze kwalunga. Bekungekho lula njengoba leli cala lidonse iminyaka engu-7, okusho khona ukuthi bekunzima kakhulu” kusho uKgositau.

INkantolo ePhakeme kuleliya lizwe yashaya umthetho wokuthi kubhaliswe ngokusemthethweni inhlangano enkulu ye-LGBT Community iphinde inikeze imvume yokuthi abantu bakwazi ukushintsha ubulili kumazisi njengoba umthethosisekelo wakhona usho njalo.

UKgositau icala lakhe liqophe umlando enkantolo enkulu yaseBotswana, ngokuba yilona kuphela icala elilwela amalungelo e-LGBT elidonse iminyaka engu-7.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.