Uphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane uMrs SA eqwala iMount Everest

2018-04-17 13:59

Cape Town - Lowo owathatha isicoco sikaMrs South Africa, uNicole Capper, uphuthunyiswe esibhedlela esiseKathmandu, eNepal, ngendiza enophephela emhlane kulandela ukuba nenkinga yokuphefumula eqwala iMount Everest.  

Lo zime oneminyaka engu-32 ubudala, onezingane ezimbili, wathatha lolu hambo lwezinsuku ezingu-18 ngomhlaka-4 Ephreli ngenhloso yokuqongelela imali yeRare Diseases South Africa. Ubehamba nabanye abaqwali baseNingizimu Afrika abayisikhombisa.

Bonke bafinyelele kahle enkanjini ngoMgqibelo base beyaqala ukwehla ngelanga elilandelayo. Kulindeleke ukuthi bafinyelele phansi ngoLwesine.

Ngokusho kwalowo abebeqwala naye intaba, uSarel Nong, uNicole uqale wahlatshwa wukugula ngoMsombuluko ebusuku.

Ukhulume ne-SABC wathi: "Bese siphezulu ngebanga elingu-4000m ngaphezu kwamanzi. Bese sithola u-50% kuphela we-oxygen. Uphuthunyiswe esibhedlela namhlanje ekuseni kanti silindele ukuthi alulame ngokushesha."

Ekhuluma neThe Juice, lowo ongumxhumanisi wehhovisi likaMrs South Africa nabezindaba, uLisa Madibe, uthe uNicole ubeke wababikela ukuthi unomkhuhlane ngesikhathi begcina ukukhuluma.

"Siyajabula ngoba isimo sakhe sizinzile futhi sinethemba lokuthi uzolulama," esho.


EVEREST BASE CAMP We DID IT!!!!!! As a team. Yesterday we completed the trek to Everest Base Camp. 5364m. It was a dream come true, and I stood there with a team of trekking warriors beside me, and a team of #RareWarriors in my heart. Thank you for being part of this journey. And for being part of my team. You all make me brave. Thank you to each and every kind soul who donated towards making @rarediseasessa patients’ lives better. You are phenomenal ???????? Thank you to my generous sponsors for getting me to #RareHeights: @mandy.peacock @brayfoil #BodyRevivalInstitute . . . #everestbasecamptrek #everestbasecamp We made it to base camp on the day of #winniemandela’s memorial, and so we remembered the mother of our nation.

A post shared by Nicole Capper ? (@_nicolecapper) on

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.