Uphuthunyiswe esibhedlela u-Oscar Pistorius

2017-08-03 19:30

Johannesburg - Kubikwa ukuthi uphuthunyiswe esibhedlela iKalafong ePitoli  ngoLwesine ekuseni owayengumsubathi wakuleli u-Oscar Pistorius, kanti isimo asisihle neze.

UMnyango wezokuHlunyuleliswa akweziMilo uqinisekise ukuthi u-Oscar uphuthunyiswe esibhedlela.

U-Oscar ogwetshwe ngonyaka ophelile kuzwakale ukuthi uvele waquleka ejele namuhla (ngoLwesine).

OLUNYE UDABA:Ubebukeka engaphilile kahle u-Oscar Pistorius enkantolo - Umbiko

Ngokusho kwemithombo u-Oscar ubekhala ngokuphelelwa wumoya.

Lokhu kwenzeke ejele e-Atteridgeville, eTshwane.

Ngokusho komthombo weDaily Sun, u-Oscar ubehluleka ngisho nokukhuluma ngesikhathi sesigameko.

"Kukhona abezama ukukusho kodwa kungakhulumeki.

"Yingaleso sikhathi-ke okubizwe ngaso i-ambulensi," usho njalo.

U-Oscar wagwetshwa eNkantolo eNkulu yasePitoli, iminyaka eyisithupha ejele ngecala lokubulala uReeeva Steenkamp, 29.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.