UPienaar udalula izizathu ezimenze wathatha umhlalaphansi

2018-03-01 14:01

Cape Town - Ngemuva kokumemezela ngoLwesithathu ukuthi usethi khumu ebholeni, uSteven Pienaar udalule ukuthi ukuvuka ngo-07:00 eyozilolonga neBidvest Wits kungezinye zezinto eziholele ekutheni athathe lesi sinqumo.

Ekhuluma neKickOff, uPienaar uveze ukuthi yena nomqeqeshi uGavin Hunt bebebuye bangaboni ngasolinye.

"Izinto engidlule kuzo kulezi zinyanga ezinhlanu yizo eziholele ekutheni ngithathe lesi sinqumo sokubeka amakhokho ethala," esho.

"Ngemuva kwesikhashana ngisayinile neqembu ngatshela umqeqeshi ukuthi angicabangi ukuthi ngizokwazi ukuvuka ngovivi njalo ngilibangise ejimini.

OLUNYE UDABA: USteven Pienaar ubonge abalandeli ememezela ukuthi usethi khumu ebholeni

"Bekungokokuqala kusukela ngaqala ukudlala ibhola elikhokhelayo ukuthi ngivuke ngo-07:00 ngoba ngijahe ejimini eqala ngo-09:00.

"Umqeqeshi wangitshela ukuthi ngizojwayela, kepha kule minyaka enginayo yobudala, angikwazanga ukumelana nokuchitha isikhathi esingangehora nesigamu ngisemgwaqeni ngoba ngijahe ejimini.

"Bengikhononda njalo ekuseni ngoba bengizizwela ukuthi kakuyona indlela engifuna ukuvala ngayo le ebholeni," esho.

UPienaar umemezele kuTwitter nge-video ngoLwesithathu ukuthi usethi khumu ebholeni, wabonga bonke abamesekile.

Kuke kwaba namahlebezi athi lo mdlali nomqeqeshi uHunt bebeyinkukhu nempaka.

UPienaar uthi nokungalitholi ijezi nakho kube nomthelela ekutheni athathe lesi sinqumo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.