UPistorius uphathiswa 'okweqanda' - Malema

2016-07-07 14:31

Johannesburg - Kuyaqhubeka ukuphikisana ngesigwebo esinikezwe uPistorius. Amanye amaqembu ezombusazwe asechaze isigwebo njengesincane kakhulu.

Umholi we-EFF uJulius Malema uthi lesi sigwebo siyakhalisa. Uthi udumele ngokuthi uPistorius ulokhu ephathiswa ‘okweqanda.’

U-Oscar Pistorius, olahlwe yicala lokubulala, uchithe ubusuku bakhe bokuqala ejele ngoLwesithathu ngemuva kokugwetshwa iminyaka eyisithupha ebhadla ejele ngokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp.

Funda nalolu daba: Kuvalwe umgwaqo kusha iloli likadizili ePitoli

UJaji Thokozile Masipa wehlise isigwebo ngoLwesithathu.

“Kubukenga sengathi umfana womlungu uphathwa kahle kunabantu bethu, ukephi kumanje uJub Jub. Baphi laba abazama ukubamba inkunzi izisebenzi zaseSABC bagwetshwa iminyaka engu-15 bebhadla ejele umuntu emunye? Manje umuntu olahlwe yicala lokubulala ugwetshwa iminyaka eyisithupha. Baphi laba ababulala abantu eMarikana, kungani ubulungiswa bungabonakali khona. Umfana womlungu ubulale intombazane yomlungu icala lasheshiswa kodwa namanje abantu baseMarikana basalindile,” kusho uMalema.

Khonamanjalo umholi we-UDM uBantu Holomisa uthi uyasihlonipha isinqumo senkantolo kodwa wathi ubelindeleke isigwebo esiqinile, kubika iSABC.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.