Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso
Mosimane usekuqinisekisile ukuthi usebuyise umdlali wasesiswini uPercy Tau obebolekiswe
kwiWitbank Spurs.
UTau uchithe isizini edlule yonke
ebolekiswe kuleli qembu elidlala ku-NFD.
“Siyambuyisa uPercy. Ngizomgcina kancane uMadisha,”
kusho uMosimane, ufuna ukubuyisa uMotjeka Madisha noTheo Shai ukuze ezobahlola
kahle.
Funda nalolu daba: AmaTuks afuna u-R2m ngomdlali
“Siyambuyisa uPercy. Ngizomgcina kancane uMadisha.
Kusenzinyana kuTheo Shai. UTheo, usasalele ngemuva yena. Ngifuna ukuzinikela isikhathi
ekusebenzeni ngabo. Uzobabona ngonyaka ozayo.”
Khonamanjalo, uMosimane uphinde wamemezela ukuthi libhalise
unozinti uThela Ngobeni kulandela ukulimala kukaKennedy Mweene.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).