UPitso ujabule ngokumisa isitimela seBaroka

2017-12-06 11:00

Cape Town - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthokozile kulandela ukuthi ezakhe zikwazile ukufaka amagoli amane zibhekene neBaroka FC evutha bhe kulezi zinsuku kowe-Absa Premiership ngoLwesibili.

Ngaphambi kokuba kuqale umdlalo abafana bakaKgoloko Thobejane bebeqhwakele esicongweni seligi ngamaphuzu angu-19 ngemuva kokuqala isizini ka-2017/18 ngegiya eliphezulu.

Nokho iBakgaga ayilibonanga elidlalayo kumaBrazilians njengoba amagoli kaMotjeka Madisha, uPercy Tau noThemba Zwane eqinisekise ukuthi iqembu lihamba namaphuzu amathathu.

UMosimane uncome uThobejane ngebhola afike alidlalisa le kilabhu yaseLimpopo wathi uyakholewa ekutheni amaqembu akwiligi, kanjalo nomphakathi, uhlezi umbukela phansi lo mqeqeshi.

OLUNYE UDABA: Angimbambele gqubu uManyama - Mosimane

"Kuyabonakala ukuthi umqeqeshi weBaroka, uKgoloko Thobejane, wenza umsebenzi oncomekayo," kusho uMosimane ngemuva komdlalo ekhuluma nabeSuperSport.

"Kwesinye isikhathi simbukela phansi kanti udlalisa ibhola eliyingcwenga."

UMosimane uqhube wathi: "Ngemizuzu engu-15 yokugcina bebeyingozi kakhulu. Badlala kanjalo nangesikhathi bebhekene nePlatinum Stars neCape Town City."

Lo mlolongi weSundowns uthe ukufaka amagoli kuzobuyisa ukuzethemba kubafana bakhe.

"Uma befaka amagoli, kuyabuya ukuzethemba. ISundowns idlala ibhola elihle vele. Ngiyambongela kakhulu uPercy (Tau) ngokufaka amagoli amabili ngoba wenza yonke into kahle bese ehluleka ukubhakuzisa inethi."


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.