UPitso uphika eyokuthi babhekene nenkinga eChloorkop

2017-10-25 13:59

Cape Town - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane useziphendulele kulabo abathi ikilabhu yakhe ibhekene nomqansa futhi izinto kaziyihambeli kahle kule sizini. 

Kulandela ukuphuma kuma-quarter-final kowe-CAF Champions League kanye nokuhlulwa emidlalweni emithathu yokuvula i-Absa Premiership, abezindaba sebezwakalise ukuba nokukhathazeka ngokoqina kwesikwati samaBrazilians. 

Njengoba kunokuhlawumbisela ukuthi iminyaka yabadlali abasesikwatini sikaMopsimane ingase ibe yinkinga ekutheni le kilabhu yenze kahle eNingizimu Afrika nasezwenikazi i-Afrika - lo mqeqeshi owake walolonga iSuperSport United uthi okubalulekile ukwazi ukuthi uphokophelele kuphi.

OLUNYE UDABA: Ngeke wawina konke - Pitso Mosimane

Kanti-ke nezibalo zitshengisa ukuthi 'akukho nkinga' ekhona eChloorkop. 

"Cha! Cha! Cha! Inkinga? Ngempela? Inkinga? Mingaki imidlalo esesihlulwe kuyo? Uyazi ukuthi mingaki esisazohlulwa kuyo? Ulubonile uhlu lokukeliswa kwamaqembu akwiligi? Asihlulwa ngaleyo ndlela," kusho uMosimane etshela iTimesLIVE.

"Ubusuke wabheka kule minyaka emihlanu eyedlule ukuthi sengihlulwe imidlalo emingakanani? Eminyakeni emine, emidlalweni engu-120 ngihlulwe kwengu-25 nje vo.

"Ngicabanga ukuthi ngokubona kwami ngenze kahle kakhulu. Inkinga? Cha ayikho! Yiyiphi ikilabhu eyahlulwa ngemidlalo emincane yanqoba eminingi ngonyaka odlule? Ubani ofike kuma-quarter-final eChampions League?"


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.