UPitso uthi iPirates isiyayizwa manje ingcindezi

2018-04-10 09:30

Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane unethemba lokuthi ezakhe zingakwazi ukuthatha isicoco se-Absa Premiership kule sizini nakuba i-Orlando Pirates isezithendeni zabo.

ISundowns, eyaphunyukwa yisicoco seligi ngesizini edlula, ishiya iPirates ngamaphuzu amane kanti isalelwe yimidlalo emine.

Umqeqeshi weBhakabhaka uMilutin 'Micho' Sredojevic ungumuntu obengafuni nokho ukuthi ezakhe zisembangweni wesicoco kodwa uMosimane asola ukuthi ama-Sea Robbers aseqala ukuyizwa nokho ingcindezi manje.

"Angazi, akulula ukusho ukuthi kwenzakalani ngonyaka odlule,” kusho uMosimane ebuzwa ukuthi konakalaphi ngesizini ka-2016/17.

OLUNYE UDABA: Uthi akayi ndawo uKomphela kulandela ukuthola isibhaxu

"Angazi kwenzakalani, sakhathala endleleni, sasilinyalelwe nangabadlali abaningi. Kunabadlali bethu abaphezulu abayisithupha abangadlalanga emidlalweni yokugcina emihlanu. Sadlala ngokulingana neBaroka, sadlala ngokulingana nePlatinum Stars, neHighlands, saphinde sabambana ngo-2-2 neMaritzburg. Ngakho uma emidlalweni emihlanu yokugcina ungawini, ngeke usithathe isicoco.

Uthi nokho kuyamjabulisa manje ukuthi ne-Orlando Pirates isisembangweni njengoba uMicho ethe bekumele bawine ngesikathi bedlala neCeltic, nokusho ukuthi sebebuka izinto ngendlela eyehlukile manje uma sebefuna ukuwina ngaso sonke isikhathi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.