Uqale phansi umdonsiswano weMeya neSekela Meya kumasipala

2017-05-24 09:31

Cape Town – Ngemuva kwesonto umholi weDA, uMmusi Maimane, ememezele ukuthi usezingxoxweni namaqembu aphikisayo ukuze babuse ngokubambisana okhethweni lwangonyaka ka-2019, ubudlelwano baleli qembu ne-UDM kuMasipala iNelson Mandela Bay (NMB)  buyaqhubeka nokuba sengcupheni.

NgoLwesibili, iSekela leMeya, uMongameli Bobani, ucelwe ukuba ashiye umhlangano womkhandlu ngemuva kokuthi esola iMeya, u-Athol Trollip, ngokungathembeki. UTrollip wenze isiphakamiso sokudayiswa komhlaba eWells Estate. Kodwa-ke amaqembu aphikisayo, okubalwa nalawo aphethe ngokubambisana neDA, aphikisene nalokhu.

OLUNYE UDABA: Bayaveva abahlali baseThekwini ngesivumelwano sikaMasipala noMTN

USomlomo uJonathan Lawack ucele uBobani aphume emhlanganweni.

UMaimane uyalele i-UDM ukuba ithathele izinyathelo uBobani ngokuziphatha kwakhe okungamukelekile.

“Cishe ngayo yonke indlela engenzeka, uBobani wenze ukubukela phansi ukubusa ngokubambisana kuhulumeni eNMB, futhi ukuziphatha kwakhe namhlanje kudinga ukuthi athathelwe izinyathelo eziqinile,” kusho uMaimane.

Kodwa-ke umholi we-UDM, uBantu Holomisa, uthe uMaimane kumele adlulisele izikhalo zakhe ekomitini elisungulelwe ukubhekana nokungaboni ngaso linye phakathi kukaTrollip noBobani, esikhundleni sokuthi aye kwabezindaba. “Asikwazi ukuvele sigxume uma ngabe ethi gxumani. Yena (uMaimane) uphume endleleni.”

UHolomisa uthi i-UDM angeke ize idonswe ngekhala iDA futhi angeke yenze yonke into efunwa yiDA ngaphandle kokuxosisana. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.