Uqalile ukuzwakala emsakazweni uRibs

2018-03-04 12:28

DurbaN - Uqalile ukuzwakala emsakazweni kaTbo Touch, iTouch HD, etholakala kwi-internet, uRebecca Malope.

Uzwakale okokuqala kulo msakazo kusukela ngoLwesine emini kugamanxe ihora lesi-12, kuyakwelesi-2.

Uhlelo awakala kulo ngolokusiza umphakathi ontulayo okuthiwa inhloso wukuwusiza uxoshe ikati eziko.

Zithe zibekwa nje ohlelweni uRibs noMfundisi Sechaba Mithiane batshela abalaleli ukuthi bazizwa bekwenkulu intokozo ukuqala lolu hlelo ngempumelelo.

OLUNYE UDABA:Umisiwe umfundisi othuke inhlamba emsakazweni

Bathole izingcingo ebezingena zilakanyana zibahalalisela.

UTbo Touch uthe uRebecca noMfuMithiane bashayela uhlelo lwezenkolo olusakazwa ngoLwesine nangeSonto olusihloko sithi Healing Zone lapho abalaleli bazobe bexoxa ngezinkinga zabo bebasiza.

"Sizonika ithuba abalaleli emiphakathini ukuba baqoke umndeni owodwa odla imbuya ngothi, njalo ngenyanga bese kuyiwa kuwo uyonikezwa usizo. Ngiyabethemba laba basakazi, bobabili bavele banegalelo emphakathini, bayaziwa.

URebecca ebuzwa ngokujoyina kwakhe lo msakazo uthe: "Ngithokoze kakhulu ukuba ngibe yingxenye yalo msakazo osuzakhele igama futhi ophethwe wuqweqwe lomsakazi odume umhlaba wonke uTbo Touch. Okungijabulisa kakhulu wukuthi sizobe sisiza nomphakathi ontulayo."

URebecca akasiye umafikizolo kwezokusakaza - vele kumanje wethula uhlelo iGospe Time ku-SABC2 ngamaSonto kusihlwa okuwuhlelo lomculo weGospel aselwethule iminyaka eminingi ngempumelelo.

UTbo Touch ushiye emsakazweni omkhulu iMetro FM nyakenye waziqalela owakhe onabasakazi abaziwayo okubalwa uTim Modise nabanye.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.