Uqashelwe unogada umfana waseThekwini obegcwaneka esikoleni

2016-05-25 16:00

Durban – Ubaba wasePhoenix ozama ukuvikela indodana yakhe emabhoklolweni aphatha imimese esikoleni sendodana yakhe, useyiqashele onogada abayiphelezelayo.

Kuthiwa lo baba uthathe lesi sinqumo ngemuva kokuthi indodana yakhe, 15, eyenza uGrade 10 isatshiswe abafana efunda nabo sekuphuma isikole ePhoenix Secondary School, enyakatho yeTheku.

Lo baba usola isikole ngokungenzi lutho ekuvikeleni indodana yakhe kanjalo nokulwa nobubhoklolo.

Uthi indodana yakhe nabanye abafundi bavinjezelwa yiqeqebana labafana ekilasini uthisha esaphumile, labasabisa labafuna imali.

OLUNYE UDABA: Usenkantolo umfana wase-PMB owabulala ibhoklolo

“Indodana yami yazama ukuzikhulumela kanti uthisha uzozwa wase eyangenelela. Ngicabanga ukuthi la bafana babephuzile.

“Kuthe sekuphuma isikole, abafana abangu-15 bajaha indodana yami ngemimese iphuma nje emasangweni esikole,” kulandisa lo baba.

Uthi othisha baziswa ngalesi sigameko omunye wabo wabe esegodukisa indodana yakhe, yahlala ekhaya isonto lonke.

Uthi kuthiwa indodana yakhe yanqaba ukukhokha "imali yokuvikeleka" esikoleni.

Uthi waya esikoleni eyozwa ukuthi kuqhubekani ngamabhoklolo, kepha wathola ukuthi awamiswanga futhi nabazali bawo abakaze babizelwe esikoleni.

Uthi unqube ngoMsombuluko ukuqasha abaqaphi ababili ababiza u-R900 ngelanga ukuba bakhaphe indodana yakhe uma iya noma iphuma esikoleni.

Thola udaba oluphlele kuDaily News.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.