Uqashwe ngamaphoyisa ufakazi ecaleni lezicubu zomuntu

2017-08-31 07:00

Johannesburg - Intombazane eneminyaka engu-17 ubudala idalulele amaphoyisa ukuthi lowo owayewumyeni wayo oneminyaka engu-24 ubudala uyabandakanyeka ekugcineni izicubu zabantu abangasekho emhlabeni.

Lo fakazi utshele amaphoyisa ukuthi wambona owayengumyeni wakhe egumba izidumbu ezimbili, wathatha izicubu emathuneni aseTshitavha village ngaphandle kwaseThohoyandou wazihambisa enyangeni.

OLUNYE UDABA:BUKA: Kukhishwa izicubu zomzimba womfana esiswini sengwenya

Amaphoyisa ambe isidumbu esisodwa izolo, athola isidumbu sendoda eneminyaka engu-74 ubudala singenakhanda.

Khonamanjalo, amaphoyisa aseqalile athungatha umsolwa.

Kwenzeka lokhu nje, izwe lisamangele kulandela ukuboshwa kwabasolwa abahlanu abasolwa ngokubulala nokwakha itulo lokubulala ngemuva kokutholakala nezicubu zomuntu.

La madoda abavele eNkantolo yeMantshi yase-Escourt ngasekuqaleni kwaleli sonto. Enye yala madoda ibikhihla isililo enkantolo. 

Abasolwa; yinyanga uNino Mbatha, 32, uSithembiso Sithole, 31, uLindokuhle Masondo, 32, uLungisani Magubane, 30, noKhayelihle Lamula, 32, bonke abasolwa ngabasendaweni yasesSigodlweni.

 - VIDEO:

 - SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.