UQedani Mahlangu uxolisile emindenini yeziguli ezashona

2018-01-22 18:00

Johannesburg – OwayenguNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng uQedani Mahlangu utshele ithimba labammeli esigcawini sesigameko esenzeka eLife Esidimeni ngoMsombuluko ukuthi ubengazi ukuthi kunezinkinga ngalolu hlelo lokushintsha iziguli ziye ezikhungweni ezingezona ezikahulumeni.

UMahlangu ubethula ubufakazi bakhe kulesi sigcawu lapho ezihlangule khona kule nhlekelele eyazula nemiphefumulo yeziguli ezingaphezu kwekhulu.

"Angikholwa ukuthi ukhona obehlele ukuthi abantu bashone noma babulawe," kusho yena.

Uqhubeke wathi uzobe ekhohlisa izwe uma ethi waqeda inkontileka ne-Life Esidimeni ngesizathu esisodwa sokukhipha iziguli.

OLUNYE UDABA:Isikhulu sakwa-Eskom sithi sisazoya emsebenzini

Akazange afune ukuninda abantu ngobubende ngokuthi uma kukhona okumele asolwa, kumele kusolwa iyunithi yonke esebisebenza ngalolu hlelo.

"Isinqumo sokuphelisa le nkontileka besingalele kulolu hlelo kuphela," kusho yena egcizelela ngokuthi umnyango wonke usebenze ngokubambisana.

Uthi lo msebenzi ubungaphathwa kangcono, ngendlela yokugcina nokuhlonipha isithunzi seziguli kanye nempilo yazo.

"Ukushona komuntu oyedwa kuyinkinga enkulu, futhi kukho konke okwenzekile, ngixolisa kakhulu kuzo zonke izihlobo," kuqhubeka yena.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.