Uqhunyiswe amankwahla ngumakhelwane washona

2017-08-31 14:07

Durban - Simuncu isimo eMthandeni, KwaMaphumulo, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal emuva kokuba owesilisa eshaye umfanyana wakamakhelwane waze washona ngoba emsola ngokweba imali yebhizinisi lakhe.

Uyaveva yintukuthelo umndeni wakwaYengwa ngalesi senzo salo mashonisa njengoba engashayanga kuphela uSphesihle ‘Majazi’ Yengwa, 14, oshonile, umzala wakhe onguMhlengi Ngcobo, 16, kubonwa ngokusa esibhedlela.

Naye ushaywe yilo mashonisa.

ILANGA lithole ukuthi uMajazi ushaywe waze waqhunyiswa izinhlamvu zamankwahla njengoba kuthiwa zificwe zisakazeke phakathi eseshonile, uMhlengi walinyazwa ekhanda.

UNkz Ntombinkosi Yengwa onguninakhulu kaMajazi osebenza eThekwini, uthi uthole ucingo esemsebenzini lumyalela ukuba afonele kwakhe kunesigameko esibi esesivelile.

“Ngishayele ocingweni lwakhe umakhelwane ( oqhumise uMajazi amankwahla) ngoba ngazi ukuthi useduze nasekhaya futhi nguyena esijwayele ukuxhumana naye ngocingo.

“Kuthe uma ngimfonela waqale waphika ukuthi kukhona umonakalo owenzakele ekhaya ethi mangikhululeke. Kuthe uma ngimxina ngithi makangitshele iqiniso ngokwenzekile, wagcina esevumile ukuthi ukhona umonakalo owenzekile, umphakathi usushaye wabulala umzukulu wami umsola ngokweba imali,” kusho uNkz Yengwa.

Uthi umakhelwane wakhe umtshele ukuthi uMajazi nabangani bakhe bagqekeze emzini wakhe bantshontsha imali yebhizinisi lakhe kanti bazoba nebhadi babonwe wumphakathi wabangenela ngesibhaxu.

OLUNYE UDABA: Usezivikele kuFacebook umfundi owafekwe u-R14m ngephutha

“Ngethuke ngacishe ngashayeka phansi sengifika ekhaya ngithola ukuthi umzukulu wami ushaywe ngumakhelwane wethu njengoba engikhohlisile wathi ushaywe wumphakathi.

“Ngibuhlungu ngento ayenze kumzukulu wami ngoba uma ngabe ebemsola ukuthi umntshontshelile imali, bekumele asibikele nathi njengomakhelwane bakhe.

“Okunye engikutholile ukuthi imali itholakale yize ibingasaphelele,” kusho yena.

Uthi kwenzeka lokhu nje, umakhelwane usanda kubulala izinja zakubo ezimbili ngoba ecasulwa ukuthi zibanga umsindo egcekeni lakhe.

Utshele ILANGA ukuthi kabazange bakhulume lutho ngaleso sigameko sakhe ngoba bebalekela ukuba kube nengxabano phakathi kwabo njengobakhelwane.

Okhulumela amaphoyisa aseKZN, uCol Thembeka Mbhele, uthe umakhelwane wakwaYengwa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokushaya nokubulala.

Uthi kulindeleke ukuba avele eNkantoo yeMantshi yaKwaMaphumulo namhlanje ngoLwesine.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.