URakhale uthi uzimisele ngokusiza ikilabhu yakhe entsha

2017-12-23 07:10

Cape Town - Lowo obedlalela i-Orlando Pirates uThabo Rakhale uthi ujabule kakhulu ngokuthola ithuba lokusiza ikilabhu yakhe entsha iChippa United ekutheni ifinyelele lapho iphokophelele khona.

Izinkunzi zaseSoweto ziqinisekise ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala uyashiya kwiPirates njengoba eseyojoyina amaChilli Boys, esivumelwaneni sokushintshisana ngoDiamond Thopola noPhetso Maphanga bona abazoya eMayfair.

URakhale uthi uzozikhumbula izikhathi ezimnandi abe nazo kumaBhakabhaka, kepha manje uzimisele ngokubhala ikhasi elisha lempilo yakhe.

OLUNYE UDABA: Ujoyine iChippa umdlali wePirates

"Nginomuzwa omnandi ngokuba yingxenye yeChippa United. Inentshisekelo kanti ngifuna ukuba yingxenye yokufakwa kwamagoli kule kilabhu esikhathini esizayo," kusho uRakhale, kubika iSoccer Laduma.

"Ngiyabonga kakhulu kwiPirates ngakho konke engenzele khona kanye namava engiwatholile ngidlala emiqhudelwaneni ye-CAF.

"Njengomdlali onamaphupho ngifuna ukudlala ngokuzikhandla ukuze ngiqinisekise ukuthi iChippa ifinyelela esigabeni sokuba yikilabhu evelele."

URakhale angase adlale umdlalo wakhe wokuqala neChippa emdlalweni wayo wokuvula unyaka ibhekene namaZulu ngomhlaka-7 Januwari.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.