URamaphosa akanikele ngomholo wakhe ka-R3.6m ngoba uyisigwili - EFF

2018-03-01 10:59

Johannesburg - Umholi we-EFF uJulius Malema usephonsele inselelo uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ukuba angawuthathi umholo wakhe ka-R3.6million ngonyaka ngoba vele uyimpunyela.

UMalema usho lokhu kubalandeli bakhe eSoweto njengoba iqembu liphume umkhankaso kazwelonke lapho likhankaselakhona izinsiza zezempilo ezingcono.

Lo mkhankaso walo ubusesibhedlela iChris Hani Baragwanath ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: I-DA iyisitha sabantu njengoba ingakweseki ukubuyiswa komhlaba - Malema

Ekhuluma ngoRamaphosa, uMalema uthe: "Iholo lakho lingasetshenziselwa ukulungisa lesi sibhedlela saseBara. Liyeke iholo lisetshenziselwe ukuthuthukisa lesi sibhedlela.

"Lesi yisona sibhedlela esikhulu kunazo zonke kodwa siyabhidlika. Umuzi kaCyril oseKapa awuthenga ngemali yakhe muhle ukudlula iwodi lezingane eBara," kusho uMalema.

Lo mholi ufunge wagomela ukuthi uzozembula izinqa izikhungo zezempilo kanye nodokotela abamhlophe ezweni lonke abangaziphethe kahle iziguli zebala elinsundu, ikakhulukazi izaguga, kubika iPolitical Bureau.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/Africa
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.