URamaphosa ubekele uMotshekga umnqamulajuqu ngolwamathoyilethi

2018-03-16 19:30

Cape Town – UMengameli Cyril Ramphosa ngoLwesihlanu ubekele uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga inyanga ukuba abheke udaba lwazo zonke izikole ezinobungozi bese enza uhlelo lokuzilungisa, kusho ihhovisi likaMengameli ngoLwesihlanu.

"UMengameli Ramaphosa uyalele uNgqongqoshe u-Angie Motshekga ukuba alandelele lwazo zonke izikole ezingaphephile ingakapheli, bese ethula uhlelo lokuzilungisa ikakhulukazi izindlu zangasese ezingaphephile,” kusho ihhovisi likaRamaphosa esitatimendeni.

"UMengameli Ramaphosa ngasohlangothini lukahulumeni nabantu baseNingizimu Afrika udlulise amazwi enduduzo emndenini kaViwe Jali nasezihlobeni zakhe ngokushona kwakhe.

OLUNYE UDABA: Kumenyezelwe ukuthi uzoshushiswa uZuma

Kuzoxhunyanwa nomphakathi, kusho ihhovisi likaMengameli, ngohlelo lokuqeda izakhiwo ezingaphephile ezikoleni ezweni lonke.

"Ukushona kukaViwe kuyathusa. Izwe lisazilele ukushona kukaMichael Komape ngendlela efanayo ngo-2014.

UMengameli uzibophezele ekwenzeni konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi izingane ziphephile ezikoleni,kusho isitatimende.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.