URamaphosa ubuyise isithunzi sePhalamende - Kathrada Foundation

2018-02-17 15:30

Johannesburg - I-Ahmed Kathrada Foundation ikhiphe isitatimende yazwakalisa ukuncoma inkulumo yokuqala kaMengameli Cyril Ramaphosa yokuvula iPhalamende, kepha yaxwayisa ngokuthi amazwi akhe kufanele "alandelwe yizenzo".

Le nhlangano ithokoze kakhulu ngokubuyiselwa kwesithunzi sePhalamende, kwangaba khona ukuphazamiseka, abaduba inkulumo noma abakhishwa ngesidlozane.

Isikhulu esiphezulu sale nhlangano, uNeeshan Balton, utuse ukuzibophezela kukaRamaphosa ngokuqinisekisa ukuthi abantu baziphatha ngendlela efanale futhi uzohola ngobuqotho.

OLUNYE UDABA: URamaphosa ugcizelele ukubaluleka kokuvuselelwa kwesimo somnotho

Le nhlangano ithe nokho izethembiso zakhe kumele zilandelwe yizenzo kuzona zonke izinhlaka zikahulumeni, kubhekanwe nqgqo nabo bonke abantu abanenkohlakalo nabathintekayo kolweState Capture.

Iphinde yancoma ukuthi uRamaphosa uthembise ngokuthi izinhlaka zezomthetho zizoqhubeka nomsebenzi wazo mayelana nokubanjwa koMbuso ngobhongwane nenkohlakalo, ngaphandle kokugxambukela.

Le nhlangano inxuse ukuthi umengameli "aqinisekise ukuthi abantu abanamava nabathembekile kuphela ababa yingxenye yeKhabhinethi yakhe kuthi labo abangawenzi umsebenzi ngendlela nabachaphazeleka kolweState Capture, badliwe yizembe".


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.