URamaphosa ufuna umbiko ophelele ngokuhlaselwa komshayeli wesitimela

2018-03-16 11:00

Pretoria - UMengameli uCyril Ramaphosa usecele umbiko ophelele ovela kwabakwaPassenger Rail Agency of SA (Prasa) ngoLwesihlanu ngokuhlaselwa komshayeli wesitimela wesifazane.

Lo mshayeli wakhunyulwa wabanqunu wahudulwa endaweni ephakathi kwesePienaarspoort nasePitoli, ekuqaleni kwaleli sonto.

Kuthiwa kukhona noshaye lo wesifazane ngetshe.

"Uhulumeni ngeke avumele ubugebengu obufana nalobu bungajeziswa, futhi sizoqinisekisa ukuthi ziyajeza izigebengu ezicekela phansi impahla yomphakathi. Izenzo zalezi zigebengu ziphazamisa kakhulu labo abasebenzisa le mpahla," kusho uMengameli ngesitatimende asikhiphe ngoLwesine.

OLUNYE UDABA:Kuyaphenywa ngokutholakala kwesidumbu ngaphansi kombhede esibhedlela

UMengameli uqhubeke athi uma kukhona izikhalazo abantu abanazo, kumele bazi ukuthi uhulumeni uzobanika ithuba lokuxhumana nawo ukuze zihlale obala izikhalazo zabo futhi kusetshenzwe ngokubambisana ukuze zixazululwe.

UNgqongqoshe wezokuThutha uBlade Nzimande ngoLwesithathu uthe bangaphezu kweshumi abasebenzi bakwa-Prasa abahlaselwe kuleli sonto lilodwa kanti futhi zingaphezu kuka-6 izitimela okudingeke ukuthi zimiswe emsebenzini.

Lo Ngqongqoshe uchaze ukuhlaselwa kwabasebenzi kanye nokudunwa kwezitimela nokunye ukuhlasela okwenzeka phakathi kweMamelodi nePitoli njengento engamukelekile neze.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.