URamaphosa ugxeke udlame olubonakale engqungqutheleni ye-ANC

2017-10-02 07:40

East London – Iphini likamengameli we-African National Congress uCyril Ramaphosa ligxeke udlame oluqubuke engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC esifundazweni i-Eastern Cape e-East London.

URamaphosa uthe lokhu kuziphatha kwamanye amalungu akulindelekile kumalungu e-ANC.

NgoMgqibelo ebusuku kuqubuke udlame olushiye kulimele abantu abangu-8 ngesikhathi kubangwa udaba lwezimvume zabafanelwe ukungena engqungqutheleni.

OLUNYE UDABA: I-ANC ikhethe umholi omusha e-Eastern Cape

“…esikubone kumabonakude, nezinye zezinto esizibonele zona ezinkundleni zokuxhumana; yizinto thina njenge-African National Congress okumele zisishayise ngamahloni,” kusho uRamaphosa.

Ushaye ikhwelo lokuba amalungu e-ANC agxeke ukungenela udlame uma kunokungaboni ngaso linye.

Uthe ngeke kwavunyelwa udlame ukuba lusetshenziselwe njengendlela yokuxazulula ukungaboni ngaso linye.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.