URamaphosa uthi akuphele ukubulalana eKZN

2017-09-10 09:04

Bloemfontein – Iphini likaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ngoMgqibelo ugxeke kakhulu ukubulalana kosopolitiki esifundazweni sakwaZulu-Natal.

URamaphosa usho lokhu ngesikhathi ehlanganyele namalungu eThabo Mfotsanyana Cadres Forum esikoleni samabanga aphansi eMohaladitswe, eFree State.

Uthe abantu balahlekelwa yithemba ku-ANC ngenxa yodlame oluqhubekayo lokubulalana.

Kule minyaka embalwa edlule, maningi amalungu alenhlangano ahlonishwayo asebulewe.

OLUNYE UDABA:Uzame wancama uRamaphosa ukunqanda udaba lwezintombi zakhe ezingu-8

“Abantu kumele bawuhloniphe lo mbutho wethu. Bazowuhlonipha kanjani uma siqothana sodwa ngale ndlela,”kusho uRamaphosa.

Uthe akulona isiko le-ANC ukuhlaselana ngokuhlambalazana nokubulalana ngale ndlela.

“Lokhu esikubona eKZN sithi akuphele. Ukubulalana kule nhlangano akuphele,”kuqhubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.