Usabani uZuma ukuyoziphendulela enkantolo? - Fedusa

2017-10-14 11:01

Johannesburg – Ngenxa yokuthi uhola izwe, kuhle ukuthi uMengameli Jacob Zuma ayogeza igama lakhe enkantolo, kusho iFederation of Unions of South Africa (Fedusa) ngoLwesihlanu.

"Sekuyisikhathi manje sokuthi umengameli avele enkantolo aziphendulele ngalezi zinsolo. Yini, usabani?" kubuza uNobhala Jikelele weFedusa, uDennis George.

Lo mfelandawonye ubuphendula kulandela ukukhishwa kwesinqumo seNkantolo yokuDluliswa kwamaCala ngoLwesihlanu ngesicelo esafakwa uZuma ne-NPA sokuba kuhoxiswe isinqumo sokuthi amacala ayebekwe wona aphinde athweswe wona kabusha, esasikhishwe yiNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, ePitoli, ngo-2016.

Lesi sicelo sihoxisiwe, uZuma ne-NPA bayalelwa ukuba bakhokhe izindleko zecala.

OLUNYE UDABA: Ihhovisi likaMengameli lidumele ngesinqumo senkantolo ngoZuma

"UMengameli Zuma uvela kaningi ezezweni eziphambene nokuziphatha mayelana nombiko weState Capture kanti uma la macala enkohlakalo esalenga phezu kwekhanda lakhe, isithunzi seNingizimu Afrika ekhaya nasemazweni siyaqhubeka nokungcoliseka.

"Ngakho uZuma kumele enzele izwe kanye nesiqu sakhe uqobo ukuba ageze igama lakhe noma abhekane namacala," kusho uGeorge.

ISouth African Federation of Trade Unions (Saftu) nayo ayisalanga ngaphandle kulolu daba, njengoba ithe iNhloko ye-NPA uShaun Abrahams "kumele ayeke manje ukubeka izaba athwese uZuma amacala kabusha," njengokusho koMthethosisekelo.

UNobhala Jikelele weSaftu, uZwelinzima Vavi, uthe uZuma bekumele kuphele olwangoLwesihlanu eseshenxile esikhundleni.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.