Usabela impilo yakhe osekubulawe abafowabo abathathu

2016-08-11 19:00

Johannesburg - Sekudutshulwe kwabulawa izelamani ezintathu zineminyaka engu-19 ubudala.

UVictor Sithole,30, waseLawley ngase-Ennerdale, eGauteng utshele iDaily Sun izolo ekuseni ukuthi ulahlekelwe umfowabo wesithathu odlameni lwamatekisi esikhathini esingaphansi konyaka.

Uthi udlule umfowabo omncane uBanele Gcaba ekhanda itekisi emgwaqeni ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu.

“Ngitshelwe ukuthi abalisa ababili bafike etekisini. Omunye wabo wavula isicabha wabesedubula,” kusho uVictor.

Funda nalolu daba: Uzame ukuzibulala obengenayo eyokungcwaba umyeni

Ngo-Ephreli ngonyaka odlule uBayanda Gcaba wadutshulwa wabulawa. Umama wakhe wadutshulwa amahlandla amane esendlini, kodwa wasinda.

Ngesikhathi engakalulami nokululama kahle, iwele likaBayanda, uBandile, wadutshulwa kwesinye isehlakalo esihlobene nodlame lwamatekisi.

Zonke lezi zelamani zakwaGcaba zibulawe sezineminyaka engu-19 ubudala.

UConstable Vincent Mashiteng uthi abasolwa babaleke ngemoto eluhlaza yohlobo lwe-Opel 
Corsa

Uthe akukaboshwa muntu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.