Usabisa ngokuqumba phansi iMetro FM umsakazi

2017-04-02 16:13

Durban - Usemkhankasweni wokusithwesa umthwalo onzima isiteshi somsakazo ayesebenza kuso uTbo Touch okuyiMetro FM.

Lo msakazi oshiye eMetro FM, wajoyina iCliff Central, wabuye wayishiya nayo wazivulela esakhe isiteshi iTouch HD uthi uzolokhu ebantshontsha kancane abasakazi abanohlonze kulesi siteshi baze baphele.

Uthi kuyoze kulamule ukuthi lesi siteshi simnike ithuba lokuba avalelise kahle kubalandeli bakhe emoyeni njengoba wahamba engavalelisanga.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo msakazi washiya isigubhukane kulo msakazo ekhala nangokuthi akazange anikwe ithuba lokuthi avalelise kubalandeli bakhe emuva kokukhipha incwadi yokwesula emsebenzini.

Ekhuluma nabeZalebs uthe kusekuncane lokhu abakubonayo abaphathi beMetro FM.

"Ngizothatha bonke abasakazi abanohlonze kuze kuba banginika uhlelo lwami lokuvalelisa. Ngiyazigqaja ngeminyaka eyi-12 engiyichithe emsakazweni. Ngabanika incwadi yokwesula emsebenzini ekuseni ngehora lesi-9 ngathi kubona namuhla ngicela ukuvalelisa kubalaleli bami. Uyazi ukuthi bathini? Bathi angihambe. Ngeke ngilukhohlwe lolo suku," kusho uTbo Touch.

Ebalula akwenzela iMetro FM, uthi nguyena kuphela owakwazi ukuletha izihlabani phakathi ezindlini zomsakazo okubalwa kuzo uJay-Z, uFloyd Mayweather, uKeri Hilson noJohn Legend. Uthi wakwazi nokuthi abe nengxoxo ekhethekile noHeavy D ngaphambi kokuba ashone, nonina ka-2Pac akhuluma naye ngesikhathi kuyisikhumbuso salo mculo.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa umfundi enyuvesi

"Konke lokhu ngakwenza kukumarekhodi abo kodwa-ke ngeke ngikhalele ubisi oseluchithekile. Ebengikudinga nje wukuvalelisa kuphela lokhu engingakaze ngikwenze kuze kube manje. Ngiyobuyela khona (Metro Fm) mhla nganikwa uhlelo lwami lokuthi ngivalelise," kusho yena. Esitatimendeni asibhalile uphinde wathi inkontileka kaRobert Marawa isemotweni yakhe uTbo Touch. Nakuba kungaqondakali ukuthi uchazani ngalokhu, kodwa lesi sitatimende sakhe siqinisa izinsolo zamahlebezi ake avela phambilini okuthi noRobert Marawa uzojoyina iTouch HD.

Khona manjalo ngoLwesihlanu kwasabalale izindaba zokuthi u-Unathi Msengana obethula uhlelo lwasekuseni kwiMetro FM ushiyile kulo msakazo. Akukacaci ukuthi lo msakazi ophinde abe yijaji lomncintiswano wama-Idols SA ulibangisaphi.

Okhulumela iSABC uMnu Kaizer Kganyago, engxoxweni abenayo neTshisaLive ukuthi walile ukuqinisekisa izindaba zokushiya kuka-Unathi, wathi bazophawula ngalolu daba kwisitatimende sabezindaba abazosikhipha maduze.

"Asifuni ukukhuluma ngomuntu oyedwa

Kuphinde kwasabalala nezinye izindaba zokuthi uDJ Fresh obengumsakazi we-5 FM usejoyine iMetro FM kanti kubikwa ukuthi uzokwethula uhlelo lwasekuseni. Kuzokhumbuleka futhi ukuthi iMetro FM isanda kulaxazwa nguGlen Lewis naye ojoyine iTouch HD.

NgoLwesine iTouch HD idedele uhlu lwamagama abasakazi asebejoyine lesi siteshi, phakathi kwabo okukhona abahlonishwa kakhulu kule ndima yezobumnandi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.