Usacaze phansi usana ethola ukuthi akulona olwakhe

2017-10-09 12:28

Cape Town – Amaphoyisa athungatha owesilisa okuthiwa ubulale ingane kankosikazi wakhe ebinesonto izelwe ngokushishaya phansi ngesikhathi benengxabano.

Kukholakala ukuthi lona wesilisa uthole ukuthi ingane akuyona eyakhe, wakhiphela ukudinwa kwakhe enganeni, ngokuyibamba ngemilenze wayisacaza phansi.

Ube esesabisa ukubulala unina uma engabiza amaphoyisa.

Izakhamuzi zithi lona wesilisa waseZimbabwe ube esebaleka emjondolo abahlala kuwona oseWallacedene, eKraaifontein, kanti kuze kube manje akaze abonakale. Kukholakala ukuthi uMaxwell Mapira, 26, ucashe eStrand noma endaweni yaseLwandle.

OLUNYE UDABA: Sekubulawe amalungu omunye futhi umndeni eKZN

Unina wengane oneminyaka engu-19 ubudala, uRejoice, naye ongowaseZimbabwe, akatholakalanga ngesikhathi iDaily Voice ivakashele endaweni yesigameko.

Kuthiwa umsolwa washiya isidumbu sengane embhedeni wabe esebaleka.

Kucela onemininingwane ngomsolwa ukuba axhumane nomseshi wecala uSergeant Marks ku-081 570 5722.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.