Usagqunywe esitokisini uthisha osolwa ngokuhlukumeza umfundi ngokocansi

2017-03-13 19:32

Johannesburg - Usagqunywe esitokisini uthisha oneminyaka engu-47 ubudala osolwa ngokuhlukumeza ngokocansi umfundi oneminyaka engu-14 ubudala.

Lo thisha kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yasePitoli ngoLwesbili eseyofaka isicelo sebheyili.

Ngesonto eledlule abe-EWN badalula ukuthi lo thisha uphenywa wuMnyango wezeMfundo eGauteng ngemuva kokuba umama wengane ebikele iziphathimandla ngodaba.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele uthisha wesifazane osolwa ngokunukubeza ngokocansi

Lo thisha kuzwakale ukuthi usesulile esikoleni iLenasia High.

Lo thisha ngesikhathi evela enkantolo uphendukile wabuka umndeni wakhe wanyusa amahlombe ngesikhathi imantshi imbuyisela esitokisini ithi uzovela kusasa (ngoLwesibili) esefaka isicelo sebheyili.

Lo thisha uboshwe ngoLwesihlanu olwedlule kanti ubhekene necala lokuhlukumeza ngokocansi.

Kwesinye isigameko, bekulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseButterworth namuhla (ngoMsombuluko) indoda eneminyaka engu-30 ubudala eyaboshelwa izinsolo zokudlwengula owayeyintombi, 19.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson Manatha, uthe: "Kusolwa ukuthi umsolwa waya kolanda isisulu eDutywa ngoLwesihlanu ngenhloso yokuthi isisulu siyolanda izimpahla zaso emzini womsolwa oseButterworth."

UManatha uthe kusolwa ukuthi ngesikhathi isisulu sesingaphakathi emzini womsolwa, kusolwa ukuthi isisulu sadlwengulwa ngaleso sikhathi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.