Usale ekhubazikile owesimame ogwazwe amanxeba angu-17 ebusweni

2017-08-28 19:29

kwaMbonambi - Owesimame usale ekhubazekile kulandela ukuthi egwazwe amahlandla angu-17 ebusweni nangu-11 emzimbeni ngesikhathi ehlaselwa ngowayeyisoka lakhe.

Lesi sigameko kuthiwa senzeka ngomhlaka-11 kuJuni endaweni yakwaMbonambi.

Kuthiwa lo mlisa wavakashela le ntokazi eyayiyintombi yakhe nokuyilapho ayihlasela khona.

OLUNYE UDABA:Ubulale intombi wafonela umndeni ukuba ulande isidumbu

Ngomuva kwalesi sigameko, le ntokazi eneminyaka engu-26 ubudala yaphuthunyiswa esibhedlela isesimweni esibucayi kakhulu.

Yize yasinda kulokhu kuhlaselwa, ihlale cishe inyanga esibhedlela ithola ukwelashwa. Kuthiwa ulimale kabi umgogodla.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iZululand Observer lo msolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni ngoLwesibili ngecala lokuzama ukubulala.

Kwesinye isigameko, kushone owesifazane ngemuva kokubhunyelwa ngophethiloli wokhelwa ngomlilo e-Atteridgeville, ePitoli.

Lo wesifazane ushonele esibhedlela ngaphambi kokuba amaphoyisa ekwazile ukukhuluma naye athole ukuthi kwenzekeni kuye.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.