Usale enkundleni owakwaGcaba kweyamatekisi

2016-08-12 10:01

Ennerdale - UVictor Sithole, 30, waseLawley ngase-Ennerdale ukhala ngokuthi uselahlekelwe abafowabo abathathu kungakapheli nonyaka ngezimpi zasematekisini, kubika iDaily Sun.

Uthi ngo-Ephreli odlule kwadutshulwa kwabulawa uBayanda Gcaba, bathi besabheke lokho, kwadutshulwa unina amanxeba amane esazilele endodana yakhe kodwa ngenhlanhla wasinda.

“Sasisashaqwe ukuhalselwa kukamama ngesikhathi kuhlaselwa omunye umfowethu uBandile oyiwele likaBayanda,”kusho uSithole.

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa obulale umshayeli wetekisi elayisha erenki

Manje kudutshulwe kwabulawa uBanele elungisa itekisi eliphukile emgwaqeni. Bonke bobathathu laba bafana bakwaGcaba babulewe beneminyaka engu-19 ubudala.

“Sengiphila ngokwesaba ngoba angazi ukuthi ubani ozolandela. Ngisho nomphakathi wakule ndawo uphila ngokwesaba ngoba alipheli isonto kungabulawanga umshayeli noma umnikazi wetekisi.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.