Usale enkundleni umsolwa oyedwa kwababili abebe imoto egcekeni

2018-05-01 13:32

eKurhuleni -  Kudutshulwe kwabulawa isigebengu esisodwa kwabaleka esinye ngemuva kokuba bajahwe omakhelwani balapho abebeganga khona, kusho amaphoyisa kaMasipala waseKurhuleni ngoLwesibili.

Umnikazi weveni yohlobo lweMitsubishi ebomvu uphaphame ngo-02h00 ekuseni ngoMsombuluko evuzwa wumsindo egcekeni lakhe eVosman eMalahleni, kusho uChief Superintendent Wilfred Kgasago.

Ngesikhathi ephumela phandle eyohlola ukuthi kwenzenjani, ubone amadoda amabili ezama ukugqekeza iveni lakhe.

"Abasolwa bamshaye ngesidunu sesibhamu bangena emotweni yakhe bashaya bachitha."

OLUNYE UDABA: Baboshiwe abadubule umfana emhlani begebenga kubo

Yize ebelimele ekhanda, umnikazi wemoto uhlabe umkhosi komakhelwane ngalokhu.

"Omakhelwane bavuke ngokushesha bejaha izigebengu,"kuchaza uKgasago.

Omakhelwane bajahe abasolwa kusukela eWitbank babafikisa eGermiston belokhu bexhumana namaphoyisa ngokuthi bakuphi.

Ku-N12 ngaseGermiston, abasolwa bafike bayilaxaza lapho le moto babaleka ngezinyawo.

Kanti amaphoyisa ophiko lwe-K9 asezithendeni zabo.

Kulokhu kubanjwe umsolwa oyedwa ngemuva kokuba adubuleka, kanti uzosale eseshona ngenxa yokulimala kabi.

Omunye umsolwa ukwazile ukubaleka kanti imoto ebiyebiwe igcine ibuyiselwa kumnikazi.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.