Cape Town – Kudutshulwe indoda yashona ngemuva kokuthi yona nabanye ebihamba
nabo ababili bedune i-Audi eRosettenville, kusho amaphoyisa kaMasipala waseGoli
ngoMgqibelo.
Laba bobathathu kuthiwa badune le moto kuPhillips Street ngoLwesihlanu
ebusuku bashaya bachitha, kusho uChief Superintendent Wayne Minnaar.
Isisulu kuthiwa singene emotweni kamfowabo salandela imoto yaso, sathinta
amaphoyisa sesikuWemmer Pan Road.
OLUNYE UDABA: Kubulawe umsolwa kudutshulwana namaphoyisa
UMinaar uthi kube sekuqubuka impi yezulu lezandla, esinye isigebengu sasala
othulini kwathi lezi ezinye ezimbili zakwazi ukubaleka.
“Kube sekutholakala ukuthi umufi usebenzise isibhamu esiyithoyizi
ngesikhathi eduna le moto, waze wakhomba ngaso namaphoyisa.”
Laba abanye abasolwa ababalekile bebengakabshwa.