Usale othulini umsolwa 'ohlasele' izitshudeni endaweni ezihlala kuyo

2018-05-06 18:18

Isale othulini indoda okusolakala ukuthi ingumsolwa kwathi enye yaboshwa ngemuva kokuthi behlasele umfundi endaweni okuhlala kuyo abafundi e-Universitas, eBloemfontein, kusho amaphoyisa aseFree State ngeSonto.

Isigejane sabafundi sihlaselwe amadoda amathathu abehlomile abayalela ukuba balale phansi," kusho uColonel Thandi Mbambo ngalesi sigameko esenzeke ngoLwesihlanu ebusuku.

"Abasolwa bathathe ama-laptop amabili abesekhishini, base bedlulela egumbini lokulala lesinye isitshudeni bathatha amanye ama-laptop amabili nomakhalekhukhwini."

Kuthe uma omunye umfundi ephuma endlini yakhe kuso lesi sakhiwo, bamphuca ama-laptop amabili nomakhalekhukhwini.

OLUNYE UDABA: Usale othulini odune imoto ephethe isibhamu sethoyizi

"Ithimba ebelijutshwe ukuba liphenye ngezigameko zokugetshengwa kwabafundi libe selilandela umkhondo kwaboshwa abasolwa abatholakala emzini ose-JB Mafora ngabo lobo busuku.

"Athi uma efika amaphoyisa, omunye wabasolwa wahosha isibhamu, amaphoyisa aphendula nawo ngenganono umsolwa wadutshulwa washona."

Omunye umsolwa, 31, ube esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela kwathi owesithathu wacela empunzini.

Impahla eyebiwe nesibhamu kwatholakala endaweni yesigameko kwase kuyashaqwa.

"Umsolwa oboshiwe uzovela enkantolo kungekudala ngecala lokugqekeza nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni."

Amaphoyisa athungatha umsolwa wesithathu.

I-IPID izophenya ngalesi sigameko.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.