Usana luzalwe lungenaso isitho sangasese

2016-07-08 17:31

Johannesburg – Umama wengane, uNomvula Zulu, ubelethe ingane ingenaso isitho sangasese ngaseBrits, eNorth West, kusho umbiko.

UZulu, 30, ubelethe ngoMgqibelo eLetlhabile Clinic, ingane yakhe wayetha igama elithi Gontse.

Kuthiwa lolu sana alunayo nendawo yokuzikhulula, ngakho uma lizithuma lokho likwenza ngenkaba njengoba ingakanqanyulwa.

“Sisalinde ukuthi sidluliselwe eGeorge Mukhari Academic Hospital, kepha namanje sisalindile njengoba kuthiwa ayikho imibhede okwamanje.,” kusho uZulu.

OLUNYE UDABA: Ingane izalwe nekhanda elilodwa nobuso obubili

Uthi ingane yakhe izoya kohlinzwa kulesi sibhedlela.

“Angazi ukuthi ngenzenjani, kungizwisa ubuhlungu uma ngibona ingane yami ikulesi simo,” kusho uZulu, onezinye izingane ezine.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo eNorth West, uTebogo Lekgwethwane, uthe benza konke okusemandleni ukusiza uZulu nosana lwakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.