USandile Mantsoe ugwetshwe iminyaka engu-32 ngokubulala uKarabo Mokoena

2018-05-03 13:59

Umbulali uSandile Mantsoe ugwetshwe iminyaka engu-32 uma isihlanganisiwe ebhadla ejele ngokubulala lowo owabe eyintombi yakhe uKarabo Mokoena.

Kube nemvunge eNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng ngoLwesine ngesikhathi ibamba lejaji uPeet Johnson echaza uMantsoe njengosathane uqobo lwakhe.

UMantsoe ugwetshwe iminyaka engu-30 ngokubulala, emihlanu ngokushaya nemine ngokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

Iminyaka emibili kwemihlanu yokushaya kanye nemithathu kwemine yokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, uzoyigweba kanye kanye. Lokhu kubeka isigwebo sakhe eminyakeni engu-32 etholoza ejele.

OLUNYE UDABA: USandile Mantsoe ulahlwe yicala lokubulala owabe eyintombi yakhe uKarabo Mokoena

Uthe lesi sigwebo kumele sibe yisexwayiso kulabo abahlukumeza abantu besifazane.

Ngesikhathi kwehliswa isigwebo ekuseni, uMantsoe uthe: "Ngiyazisola kakhulu. Ngazi izinto eziningi kakhulu uKarabo abezama ukuzibalekela. Besingabantu abanezimfihlo. Ngibona sengathi ngimenzele phansi.

"Ngibona sengathi konke okuhle esasikwakha mina ngikonile. Ngizwa ubuhlungu ngoba ubebukela kimi kakhulu."

NgoLwesithathu, inkantolo imthole enecala lokubulala uMantsoe.

Isidumbu esishile sikaMokoena satholakala eLyndhurst, eGoli, ngo-Ephreli 2017.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.