USandile Mantsoe ulahlwe yicala lokubulala owabe eyintombi yakhe uKarabo Mokoena

2018-05-02 14:00

INkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng eGoli imthole enecala uSandile Mantsoe, ngecala lokubulala lowo owabe eyintombi yakhe uKarabo Mokoena.

UMantsoe wagwaza uMokoena wazama ukufihla isigameko sokumbulala ngokuthi okhele ngomlilo isidumbu sakhe.

Ibamba leJaji uPeet Johnson uphinde wathola uMantsoe enecala lokuvimbela ukusebenza kwengalo yomthetho nelokushaya ngenhloso yokulimaza.

Isidumbu sikaMokoena satholwa ngumuntu owayedlula ngendlela eLyndhurst, eGoli, ngo-Ephreli 2017.

Ngaphambilini, uMantsoe waveza ukuthi uMokoena wabe engowesifazane onodlame owayeyithanda ngokweqile impilo ephezulu.

OLUNYE UDABA: Usenkantolo osolwa ngokubulala uKarabo Mokoena

Esitatimendeni esafundwa enkantolo ngaphambilini, uMantsoe waphinde waveza ukuthi uMokoena wayemshaya nokuthi wayenentukuthelo futhi enokhwantalala kulandela ukudlwengulwa ngumngani womuntu owayethandana naye.

Waphinde wasola nokuthi uMokoena wayejwayele ukuzisika futhi nodadewabo uyakwazi lokho.

UMantsoe, oshadelwe futhi onezingane ezintathu, kubikwa ukuthi wathandana noMokoena kusukela ngo-Okthoba 2016.

Kukholakala ukuthi yena nomkakhe bebengasahlali ndawonye.

Ummangalelwa waphika ukuthi wabulala uMokoena kepha ngesikhathi efaka isicelo sebheyili waveza ukuthi walahla isidumbu sakhe ngemuva kokuthi efice umufi endlini yakhe esezibulele.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.