Usaseyilunga elithembekile le-ANC uMbeki - Usomlomo

2016-07-24 11:00

Johannesburg – Lo owayengumengameli wezwe uThabo Mbeki useyilunga le-ANC elithembekile, lawa ngamazwa kaMukoni Ratshitanga ongusomlomo wakhe.

Uthe lokhu kungaqinisekiswa nanguNobhala we-ANC esifundazweni saseGauteng uHope Papo.

Kwisitatimende esikhishiwe, URatshitanga uthe imininingwane engakhishiwe i-ANC noma iThabo Mbeki Foundation ayinalo iqiniso futhi kungenzeka ukuthi ikhushelwe ukudala umonakalo ngokhetho loMasipala lwangomhlaka 3 kuNcwaba.

OLUNYE UDABA:UThabo Mbeki nomndeni wakhe abasayilandeli i-ANC

Lokhu kulandela imibiko eyakhishwa uMadoda Mbeke omele esokuba ikhansela leDA kumasipala waseMnquma ethi lo owayengumengameli kanye nomndeni wakhe bayaziqhelelanisa ne-ANC.

"Umndeni wakwaMbeki akusiwona wodwa oziqhelelanisa ne-ANC kodwa isizwe samaZizi ngokuphelele," kusho uMadoda kwingqungquthela yabezindaba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.