Usashaqekile umndeni ngowesimame odutshulwe ezihlelele kusofa

2017-01-25 16:01

eMgungundlovu - Owesimame utholakale edindilizile emzini wakhe oseThe Grange, eMgungundlovu, izolo kukhona axoxa naye, kusho umbiko.

Abezimo eziphuthumayo ababizelwe kulo muzi lapho kudutshulwe kwabulawa khona lo wesimame.

UMnuz Russel Meiring okhulumela abe-ER24 uthe bafike kulo muzi ngoLwesibili bathola owesimame ehleli kusofa eyethile.

"Sithe simxilonga lo wesifazane sathola ukuthi unenxeba lokuqutshulwa ekhanda, eseshonile," kusho uMeiring.

OLUNYE UDABA:Ubuyela enkantolo 'owashaya' owesifazane ngenduku yegalofu

Ngokwakhe bekungasekho abebengakwenza ukuhlenga lo wesimame ngoba ubeseshonile vele,kubika iSolezwe.

Uthe akucaci ukuthi kwenzakaleni kodwa amaphoyisa nawo abekhona ukuziphenya kabanzi ngalesi sigameko.

Umbiko weThe Witness uveze ukuthi omakhelwane bambonile umuntu odubule lo wesifazane, 48, ongunesi.

Kuthiwa wenze lokhu maqede wangena emotweni wakhe wayishaya yazula.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.