Usashaqekile umndeni wowanqunywa ikhanda eThekwini

2017-08-11 11:01

Durban - Umndeni wowesilisa, uThembinkosi Nzimande, owanqunywa ikhanda uzifikele mathupha enkantolo ngoLwesine ngesikhathi kuvela umsowa wesibili.

Umndeni waseBizana, e-Eastern Cape, uthi uzwe ngoLwesibili ukuthi uThembinkosi wanqunywa ikhanda.

Umndeni wenze isiqiniseko sokuthi abantu abadala bayafika enkantolo ngesikhathi umsolwa wesibili oneminyaka engu-30 ubudala evela eNkantolo kaMantshi eThekwini.

UVictor Nzimakwe, 49, ungumfowabo wesisulu uThembinkosi, 34.

Umndeni uthi washaqeka uzwa izindaba zokubulawa komfowabo ngesihluku esingaka.

“UThembinkosi ubehlala nesihlobo eMayville, eThekwini. Sifonelwe yisihlobo ngoMgqibelo singitshela ukuthi uThembinkosi akabuyanga ekhaya ngoLwesihlanu,” kusho uVictor.

“Ngimcele ukuba akhulume nozakwabo bakaThembinkosi, waphinde wangifonela ngeSonto, wangitshela ukuthi nabo abamazi ukuthi ukuphi.

“Wabe esengitshela ukuthi kutholakale ikhandla lomuntu, wathi kungenzeka kube  ngelikaThembinkosi.

“Kodwa ngamtshela ukuthi akalinde kuze kube uMsombuluko ukuze ezobuza kahle ozakwabo baThembinkosi ukuthi ufikile yini emsebenzini. Nangalelo langa wangitshela ukuthi akafingakanga.”

OLUNYE UDABA: Abafundi balale ehholo ngemuva kokuqubuka komlilo

Isihlobo sabikela amaphoyisa ngalolu daba ngoLwesibili.

UVictor uthi: “Waya esiteshini samaphoyisa eThekwini, wathola khona ukuthi ikhanda elinqunyiwe ngelikaThembinkosi. Wangifonela, wangazisa ngabe sengibikela abadala emndenini.”

Uthi umphenyi wecala umtshele ukuthi abasolwa ababili babonwa unogada bephikisana kungathi bayaxabana eceleni kwemoto edolobheni laseThekwini ngoLwesihlanu olwedlule.

Unogada, osebenza esitolo esiseduzane, wayecabanga ukuthi bafuna ukweba imoto.

Wabe eseqonda kubona, wabaphuca isikhwama ababesiphethe, kanti uzobona ikhanda. Omunye wabo wabaleka.

“Unogada wafonela amaphoyisa. Ngicabanga ukuthi laba babehlela ukulidayisela inyanga ikhanda,” kusho uVictor.

Bobabili abasolwa bazobuyela enkantolo ngoMsombuluko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.