USassa uthi bazosheshe bahole abathola izibonelelo

2016-07-21 19:03

Johannesburg – Luzosheshe lufike usuku lokuhola kulabo abathola izibonelelo zikahulumeni ngenxa yokhetho lwezindawo, kusho umbiko wakamuva.

ISouth African Social Security Agency (Sassa) ngoLwesine imemezele ukuthi izibonelelo zika-Agasti zizoqala ukutholakala kusukela ngomhlaka-27 Julayi.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yilowo okhulumela uSassa, uShivani Wahab‚ uthe kuzoholwa phakathi komhlaka-27 no-29 Julayi.

OLUNYE UDABA: Ngeke asavunyelwa ama-debit order kweyakwa-SASSA

"Abekho abantu abazobe behola phakathi kukamhlaka-1 no-3 Agasti ngenxa yokhetho lohulumeni basekhaya.

“Ukuhola kuyophinde kuqale kahle futhi ngomhlaka-4 Agasti kuze kushaye ilanga lokugcina lokuhola,” esho.

Kuthiwa ngeke baphazamiseke lapho abahola ezitolo nakuma-ATM.

"Abanemibuzo bayacelwa ukuba bashayele kwethi 0800 60 10 11 noma ku-012 400 2322‚" ephetha.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.